際際滷
Submit Search
Isifundo sezincazelo siyaqhutshwa
Download as PPTX, PDF
3 likes
1,821 views
Mlando Prosperity
Follow
this a brief description of collective nouns
Read less
Read more
1 of 6
Download now
Download to read offline
More Related Content
Isifundo sezincazelo siyaqhutshwa
1.
Amabizoqoqa Kuyenzeka igama
elilodwa lisho izinto eziningi ezindawonye. Ungawachaza la magama: - A) imfuyo - B) isivivane - C) ithala - D) isimoba 1
2.
Igama elilodwa ngamazwi
amaningi Chaza igama elilodwa ngamazwi amaningi: - ubhedu - Ugume - Uhlelenjwayo - Umbhotshozelwa - Isithubi - Isicukwane - isithwalaphishi 2
3.
Igama elilodwa elimele
amazwi amaningi Esikhundleni sokuchaza kabanzi siyakwazi ukusebenzisa igama elilodwa esikhundleni samaningi: (a) abantu abazalwa ebukhosini (abantwana); (b) inyama yenkomo ephekwe ngokugxajiswa nedliwa isipholile (ikhuthu); (c) umpheme wokusitha umoya ungangeni endlini, ezindlini zasemakhaya (iguma) Ake usho igama libe linye lalokhu: (d) umuntu ongenayo indawo yokuhlala noma ikhaya (e) ummbila omusha osanda kuvuthwa (f) isimo sokulangazelela inyama ngokweqile (g) isigxobo okukhulekwa kuso inkonyane 3
4.
Amagama adidaniswayo Kunamagama acishe
abizeke futhi abhaleke ngokufana. Imvamisa siyawadidanisa la magama 1. izibele/amabele 2. umthubi/isithubi 3. amadlebe/izindlebe 4. ukhezo/inkezo 5. izindevu/amadevu 6. inkaba/umkhaba/isikhaba 7. amathumbu/ubuthumbu 4
5.
Okunye ngezincazelo Njengoba sike
sasho ngaphambilini ukuthi incazelo yegama ayikho egameni uqobo noma kuleyo nto esiyibiza ngalelo gama. Abukho ubudlelwano obuqondile phakathi kwegama nalokho elikushoyo. Incazelo siyithola esivumelwaneni phakathi kwabakhulumi bolimi ngalunye. La magama angasho izinto ezingafani ezilimini ezahlukene: into (IsiZulu; IsiNgisi), kanye (isiZulu; isiNgisi), mule (isiZulu; isiNgisi) 5
6.
Izifenqo, izisho nezaga
Izifenqo nezaga ziyasikhombisa ukuthi incazelo iphinde ingatholakali emagameni ngqo: - uyithanda ukufa intombi yakhe - uyisikhokho ngempela nja yami - Inkukhu yanqunywa umlomo. - ukuhamba ijuba likaNowa - Amabonabonane ashiwo uGcugcwa. - Izandla ziyagezana. 6
Download