際際滷
Submit Search
Ukulumbana konkamisa 2
Download as PPTX, PDF
0 likes
3,581 views
Themba Mphiti
Follow
IsiZulu
Read less
Read more
1 of 9
Download now
Downloaded 29 times
More Related Content
Ukulumbana konkamisa 2
1.
Ukulandelana Konkamisa/ Vowel juxtaposition EsiZulwini
onkamisa abalandelani. Imithetho yesiZulu iyakuphika ukuthi imisindo ilandelane 1
2.
Uma onkamisa belandelana
nazi izinguquko ezenzekayo emisindweni: Ukulumbana konkamisa (vowel coalescence) Ukweqiwa konkamisa (vowel elision/deletion) Ukulwangisa (palatalisation) Ukunkankazisa (nasalisation) Ukungwaqazisa (consonantalisation) Ukukhuphuka konkamisa (vowel raising) Ukunsininiza (alveolarisation) 2
3.
Uma onkamisa belandelana balumbana
benze unkamisa omusha Unkamisa ophansi + unkamisa ophezulu = unkamisa ophakathi nendawo, unkamisa ophansi+ophansi= ophansi: > a + i = e (na+inja = nenja; nga+impama = ngempama) > a + u = o (na+umona = nomona; nga+umusa = ngomusa > a + a = a (na+amanga = namanga; nga+amandla = ngamandla) nganga+ijuba = ngangejuba; njenga+umuntu = njengomuntu; nganga+amanzi = ngangamanzi 3
4.
Ukulumbana konkamisa kwenzeka ngaphansi
kwalezi zimo: Uma kusetshenziswa isakhi sesihlanganiso /na/: na+abantu = nabantu; na+itshe = netshe; na+umuntu = nomuntu Uma sisebenzisa izakhi zokuqhathanisa: njenga+amasi = njengamasi; okwa+izwe = okwezwe; nganga+uThemba = ngangoThemba; kuna+inja = kunenja Uma sakha isivumelwano sesiphawulo kanye nongumnini: a+umu = omu- (omuhle); a+isi = esi- (esihle); a+ama = ama- (amakhulu); la+inkukhu = lenkukhu; la+amasi = lamasi; la+umuntu = lomuntu 4
5.
Ukweqiwa konkamisa/ Vowel
elision Uma onkamisa belandelana ngesinye isikhathi abalumbani kodwa omunye wonkamisa uyeqiwa noma alahlwe. Onkamisa beqewa ngaphansi kwezimo ezintathu: seqa ngokuthanda, seqa ngempoqo, seqe ngokohlelo Ukweqiwa konkamisa ngokuthanda seqa ngokuthanda uma sikhuluma ngokushesha: Ingan egulayo iphuthunyiswe esibhedlela ngemoto. / Umfan omubi ulunguza ewindini. Qaphela: seqa unkamisa wokuqala! 5
6.
Ukweqiwa konkamisa (kuyaqhutshwa) Ukweqiwa
konkamisa ngempoqo: lokhu kuvamise ukwenziwa ekuqaleni kwegama: Lo mfana akezwa. Baba uyafika, baba uyafika, lutho. Siphoqeleka ukweqa unkamisa uma sibabaza: Mfana wami! Themba, woza lapha! Uma isibanjalo sandulela ibizo: Yiyona nkululeko yenu lena. USipho nguyena mfana osahlonipha. 6
7.
Ukweqiwa konkamisa (kuyaqhutshwa) Seqa
unkamisa uma ibizo landulelwa yisenzo esiphikayo: Angifuni kuzwa lutho okushoyo. Akusiniswa mahleza lapha enyuvesi. Angikhulumi manga mina. Akwaziwa mbhantshi kujiya. Unkamisa siyameqa uma ibizo landulela inani: Mfundisi muni lona oweshela esontweni? Khanda lini leli elingapheli? 7
8.
Ukweqiwa konkamisa (kuyaqhutshwa) Uma
isabizwana soqobo, umuntu okhulumayo noma okukhulunywa naye, sandulela ibizo: Nina bafana nicabanga ukuthi kuyadlalwa. Thina zingane sigqoka kahle. Wena Sipho uyedelela. Uma isabizwana sokukhomba sandulela ibizo: Lo muntu udlala ngami. Lesi sinkwa simnandi kabi. 8
9.
Ukweqiwa konkamisa (kuyaqhutshwa) Uma
onkamisa belandelana siyameqa omunye ngenxa yohlelo olungakuvumi ukulandelana konkamisa. Unkamisa wesivumelwano uyeqiwa uma elandelwa isiqu sokubala /-nke/ noma /-dwa/: ba+a+o+nke> bonke; si+a+o+nke> sonke; ni+a+o+dwa> nodwa; ba+a+o+dwa> bodwa Uma kwakhiwa isivumelwano sikamenzi esenzweni esiqala ngonkamisa: isela (li+eba=) leba imfe; Abafana (ba+osa=) bosa inyama. Uma sinciphisa amabizo agcina ngonkamisa /-i/ nanezinhlamvu ezingalwangiseki: umsebenzi+ana> umsebenzana; isiyezi+ana> isiyezana; insizi+ana> insizana 9
Download